Umqeqeshi weMoroka Swallows uSteve Komphela uthi uyazwelana kakhulu nomqeqeshi noMolefi Ntseki ophinde waphuma esevikelwa amaphoyisa ngemuva kokuhlaselwa yidlanzana labalandeli beKaizer Chiefs. 

UNtseki uphume kunzima ngoba ezakhe zihlulwe AmaZulu ngo 1-0 kwi-last 16 yeCarling Knockout eFNB Stadium ngoMgqibelo. Izolo iChiefs igcine ithathe isinqumo sokumkhulula, yanikeza uCavin Johnson izintambo zokuqeqesha iqembu njengoba isathungatha umqeqeshi omusha.

UKomphela uthi abalandeli bakuleli abakwazi ukubekezela. 

Bekuyihlandla lesine kulesizini kubonakala abalandeli beChiefs bekhombisa ulaka kumqeqeshi. 

Kubukeka iChiefs izobhekana nolaka lukamehluleli wePSL uZola Majavu okulindeleke ukuthi agwebe iqembu ngokudlala bengekho abalandeli. 

UKomphela uthi abalandeli beChiefs kufanele bambekezelele uNtseki. Naye uKomphel wasinda kunzima kwiGlamour Boys abalandeli befuna ukumqeda. 

Lomqeqeshi waphuma ngesamagundane ngesizini ka-2015/16 neka-2017/18. 

“Mina ngifana nedada, amanzi uwathela emhlane kodwa angizwa lutho,” kusho uKomphela echazela abakwaSuperSport TV. 

“Angizwa lutho. Ngizwela abantu ababhekene nezimo ezingakhombisi ukuya phambili. Impilo ngiyibuka ngenye indlela. 

“Kungani kuyicala ukungayiwini indebe? Alikho iqembu elingawina yonke imidlalo. 

“ENingizimu Afrika akulindwa isikhathi noma uhlelo lokudlala kodwa kubhekwa imiphumela. ISundowns ikhande iqembu eliqinile ngokulinda iminyaka. ISundowns iqede iminyaka ibumba iqembu. 

“Ngahlulwa imidlalo eyisithupha kuphela kwiKaizer Chiefs ngesizini ka-2015/16. Kwenzeka okufanayo nakumasizini amabili alandelayo kodwa abakwazanga ukulinda. Izinto zazikhombisa ukuthi ziyahlangana. Ukuhlulwa imidlalo eyisithupha kukhombisa ukuthi sekusondele ube ngushampeni. Ngaphazanyiswa ukudlala ama-draws kakhulu kwiChiefs,,” kusho uKomphela.

ISwallows nayo iliwashile ijezi kwiCarling Knockout ngemuva kokushaywa iRichards Bay ngo 2-1. 

Sekuphele iminyaka engu-8 iGlamour Boys ingayazi indebe, okuyisizathu esicika abalandeli beqembu. 

“IPirates ibijwayele ukuba nenkinga yonozinti nezitobha kodwa uTapelo Xoki noNkosinathi Sibisi balivalile igebe. Unozinti omusha ungene khaxa esikimini,” kuchaza uKomphela.