Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usecele zimxege kancane izintatheli ngemibuzo ngekusasa lakhe ayibona ingamfanele ngoba ‘wakha kabusha’ iqembu.

UCardoso ubevutha bhe kwisithangami nabezindaba ngemuva kokubambana neKaizer Chiefs ngo 0-0 eFNB Stadium, ephebeza imibuzo ngekusasa lakhe nangokunganami kwabalandeli beDowns.

Ngemuva komdlalo kunabalandeli abazwakale becula bethi kufanele ahambe uMiguel. Eziphendulela lo mqeqeshi uthe alikho iqembu elinqoba yonke imidlalo.

“Alikho iqembu elinqoba yonke imidlalo,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo wayizolo.

“Uma sifuna ukuba neqiniso kubantu abasebenzela iSundowns, ngikhuluma ngetechnical team nabadlali abadlale kwiClub World Cup, akulona iqembu elifanayo, ngoba siyawubona umthelela wokungabibikho kwabanye abadlali. Sidinga ukulakha kabusha iqembu.

“Sisegabeni sokuqala kabusha, futhi sijabule ngalokho. Sizofika la esifuna ukufinyelela khona.”

ISundowns izobhekana nomdlalo onzima kule mpelasonto ezayo njengoba izotholana phezulu neStellenbosch FC e-Athlone Stadium ngoMgqibelo ngo 3 ntambama.