Umqeqeshi ohlonishwayo kuleli uGavin Hunt uphinde wahluleka ukunqoba benezakhe iSuperSport United eyabiza isithangami sabezindaba esiwubukhazikhazi ngasikhathi imethula eGoli ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.

Baningi abasebekulindele ukuthi uHunt avumbuke kwiSupersport, osekuvele ukuthi yaqala yashela uBenni McCarthy ukuthi ayipheke. Abaphathi baMatsatsana a Pitori bebelindele ukuthi uHunt aqhubeke nomsebenzi oncomekayo owenziwe u-Andre Arendse ofake lelu qembu kwi-top 8 sekuvalwe amehlo ngesizini edlule.

Izinto azimhambeli kahle nokho uHunt. Umdlalo wakhe wokuqala kwakumele bawunqobe kodwa badlala ngokulingana neqembu elimkhombe indlela ngesizini edlule, iChippa United. Kulowo mdlalo iSupersport yakha amathuba awu-21 okukora kodwa mane kuphela ayebheke epalini.

Nakwimdlalo emibili abadliwe kuyo ngemuva kowokuqala iqembu likaHunt liwakhile amathuba kodwa belihluleka ukuwavalela. Ngabe lokhu kudalwa ukuhluleka kweqembu phambi kwepali noma ukuzethemba kuphansi kubadlali? Phela lo mqeqeshi ubukeka eshesha ukucasuka uma izinto zingamhambeli kahle, okungaba nomthelela omubi kwizinga lokuzethemba kwabadlali.

Ubebhekene nenkinga ecishe ifane nakwiKaizer Chiefs ngesikhathi eqashwe kuyona ngesizini ka-2020/2021. Ngaphansi kwesandla sikaHunt iChiefs yanqoba imidlalo ewu-6 kuphela emdlalweni ewu-21, yadlala ngokulingana kwengu-12. KwiChippa United ngesizini edlule ukhonjwe indlela kulandela ukunqoba umdlalo owodwa emdlalweni eyishumi. Washaywa emdlalweni emihlanu, wadlala ngokulingana kwemine.

Lokhu kusho ukuthi emdlalweni ewu-13 edlule uHunt usanqobe kanye.

Muva nje lo mqeqeshi uke wagxeka amatemu amasha ebhola avame ukusetshenziswa abaqeqeshi bebhola abasha wathi akawazi ukuthi asho ukuthini futhi into ebalulekile okwenziwa abadlali enkundleni.

Lo mqeqeshi kungenzeka ukuthi useqala ukusala kwabanye osomaqhinga ebholeni lakuleli, elimnandi selokhe iqalile isizini ka-2022/2023.

Nokho lo mqeqeshi awangabazeki amava akhe ebholeni njengoba esenqobe izicoco zeligi izikhawu ezine. Ngabe uzoyiqeda kodwa le sizini kwiSuperSport? Kuzomele iqembu lakhe liqale ukunqoba imidlalo ngokushesha.

ISuperpsort izobhekana ne-Orlando Pirates ngeSonto (21 August 2022).

Ngilandele kwiTwitter: @mcebo_khuba