Inkantolo yoMthethosisekelo ichithe isicelo seMK Party sokuthi kumiswe ukufungiswa kwamalungu ePhalamende ngoLwesihlanu.
IMK ibifake isicelo esiphuthumayo izama ukunqanda uhlelo lwePhalamende lwakusasa njengoba ingagculisekile ngemiphumela yokhetho. Ifuna kulungiswe izikhalo zayo kuqala ngaphambi kokuhlala kwePhalamende.
Ngesikhathi yethula isinqumo inkantolo iveze ukuthi empeleni ayingeni odabeni olufana nalolu, yaphinde yakhala ngokuthi iMK ithathe isikhathi sayo ukufaka isikhalo sayo.
“Ummangali uhlulekile ukuveza isizathu ngokuhluleka ukufaka isikhalo enkantolo ngokushesha, ekubeni kwaziwa ukuthi umthethosisekelo uthini ngokubekwa kwephalamende ngemuva kwezinsuku eziwu-14 kumenyezelwe imiphumela yokhetho,” kusho inkantolo.
Inkantolo iqhube yaveza ukuthi ngisho ngabe isikhalo seMK sinesisindo, isicelo sokuthi kumiswe uhlelo lwangoLwesihlanu ePhalamende kungakhombisa ukungabacabangeli abanye abathintekayo.