Umqeqeshi weWydad Athletic Club uRulani Mokwena usekhumbuze abalandeli baleli qembu ukuthi ebholeni ngeke uyinqobe yonke imidlalo, wacela bayeke ukumhlasela njalo uma izinto zingahambanga kahle enkundleni.
UMokwena ubeke kanje ngemuva kokubona ezakhe zilahla amanye amaphuzu kwiBotola Pro League ngemuva komdlalo ophele ngo 2-2 bebhekene neFUS Rabat. Bekungokwesithathu iWydad idlala ngokulingana emdlalweni emithathu edlule. Lokhu sekuphazamise umgqigqo waleli qembu ebeselibukeka sengathi lizoqeda kunombolo 2 okungenani. IWydad isengaqeda endaweni yesibili kodwa uRulani ucela abalandeli balibekezelele iqembu kungenjalo umsebenzi wakhe uba nzima.
Ngaphandle nje kwabalandeli, lo mqeqeshi uzwakale isiqala ukumnenga nemibuzo yezintatheli ngeqembu lakhe.
“Ngeke uyinqobe yonke imidlalo. Akukwazi ukuthi njalo uma singawinanga ngihlaliswe phansi kanje ngichaziswe ukuthi kungani singawinanga. Ebholeni uthola imiphumela emithathu, uyawina, uyadliwa noma udlala ngokulingana. IWydad ayikwazi ukunqoba yonke imidlalo ephambi kwayo,” kusho uMokwena ekhuluma nabezindaba.
“Ngikhule ngibuka ibhola kusukela ebusheni bami, ngiyakuqonda ukuthi uma udlala wenza konke okusemandleni ukunqoba umdlalo kahle. Uma udliwe ngoba iqembu obubhekene nalo lidlale kangconoo, niyaxhawulana uzame ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo, uma nidlale ngokulingana ubheka okuhle enikwenzile, uzame ukulungisa okubi – thina siyiqembu elisha. Abantu abafuni ngiyisho lento kodwa iqiniso wukuthi sibumbe iqembu elisha, abadlali abawu-26 abasha, sizama ukulwela indawo yeChampions League.”
URulani uqhube wakhumbuza izintatheli ukuthi ngasekuqaleni kwesizini bebesele ngenqwaba yamaphuzu, bakwazi ukunciphisa igebe njengoba sebekwazi ukukhuluma ngokulwela ukubuyela wkiChampions League manje.
Uthi lokho ngeke kwenzeke uma abadlali bengasekwa.
“Ngiyazi asiwine lutho eminyakeni emibili. Abantu balambele iChampions League, kodwa ngikholweni uma ngithi akekho ofisa ukudlala kuyo ukudlula mina.
“Ngiphume kuma semi-final eChampions League kabili kulandelana. Benginethuba lokujoyina amaqembu adlala kwiChampions League kodwa ngaqoka iwWdyad ngoba ngesikhathi ngibhekene nayo ngisakwiSundowns ngabona ukuthi ithandwa kangakanani. Ngabona ukuthi bangithanda kanganani [abalandeli]. Yingakho ngingayanga kwi-ASFAR noma kwiRaja. Ngakhetha iWydad. Kodwa manje angisayiboni lento engangiyibona. Akukho lula.”
Abalandeli beWydad sebehlasele uRulani kabili bemjikizela ngezigubhu ngemuva komdlalo. Nasezinkundleni zokuxhumana abaningi sebethi akahambe uma kuphela isizini ngoba amaqhinga akhe awasebenzi. Babeka kanjena nje iWydad ikunombolo 3, inamaphuzu alinganayo neqembu elikunombo 2.