Inkakha yomgijimi wase-Jamaica u-Usain Bolt ayiphiki ukuthi kungayiphatha kabi ukuthi uNoah Lyles, umgijimi osemusha wase-USA, aphule irekhodi layo lomjaho ka-100m.
UBolt waqopha umlando kuma-Olympics ngo-2009 egijima lomjaho ngesikhathi sika 09:58, okwakuqala ngqa ukwenzeka emhlabeni.
Okwakwenza leli rekhodi limangaze kakhulu ukuthi eminyakeni eyedlule, ososayensi babengaboni kuyinto engenzeka ukuthi umuntu agijime lo mjaho ngokushesha okungaka. Sekunomgijimi omusha wase-USA ozizwa sengathi yena angalishaya leli rekhodi likaBolt, kanye nelangakubo e-USA (9.69), elashaywa uTyson Gay.
Ekhuluma ohlelweni olusha kuNetflix iSprint, uBolt ukhulume ngezifiso zikaLyles wase emufisela inhlanhla. “Uma engaliphula leli rekhodi, angeke ngijabule. Kodwa ngimufisela inhlanhla, vele amarekhodi adalelwe ukuphulwa. Kodwa ngeke kube lula”
Khonamanjalo iNingizimu Afrika izobe ibeke amathemba ayo ku-Akani Simbine, naye okulindeleke ukuthi awushubise lo mjaho njengoba esefomini enhle kulezi nsuku.
Ama-Olympics, aseParis eFrance nonyaka, azoqala ngoJulayi 26.