Isiphinde yabuya impi yeziwasho zemali kuFacebook njengoba sekuqubuke imibuzo ngokuthi ngabe ziyabacebisa ngempela yini abantu.
Okokuqala esizokucacisa nje ngaphambi kokuqhubeka nodaba wukuthi ngeke sifake gama likamuntu odayisa iziwasho, ngaphandle kwelikamsusi wodaba. Asifuni kuthiwe silwa nemisebenzi yabantu.
Udaba lusuke ngoLwesine emini uThule Mfeka (Facebook) ezwakalisa ukuxakeka ngokuthi kungani lento yeziwasho ibukeka icebisa abazidayisayo kuphela.
“Lento yeWasho mina ingdida mase kugwilika lo ozidayisayo kuphela nina okumele engabe nine nhlanhla seniphiwa uye futhi okuncane, aw,” ubhale kanje.
Ulandele ngomunye umbhalo ngemuva kokuhlaselwa kumbhalo wakhe wokuqala abantu bemphikisa, abanye bethi kade belinde umuntu ozoluhlokoloza lolu daba. Kumbhalo wakhe wesibili uthe:
NgoLwesihlanu ekuseni uThuli ubesaqhubeka nempi yakhe nokusetshenziswa kweziwasho noma abanye sebemazise ukuthi angase ayiswe enkantolo.
“Inkantalo ayidayisi iwasho isebenza ngama facts bring it on.”
“Ngithi azisebenzi iwasho, ena uthi ziyasebenza. Imibono yabantu ababili ehlukene le, manje angizike ngithuke ba ngalokho.”
Oyedwa wabaphikise umbono wakhe, ubeke kanje: “Just like ukunikela esontweni nithengele uMfundisi imoto, nomuzi nimshadise but wena mawucela usizo olufanayo kuthiwa thandaziswa
mayinamandla angako lento why ningamthandazisi uPastor ukuthi uNkulunkulu amuph’amandla okuzenzela lawa ocelelwa wona wena?”