Owayengumqeqeshi weReal Madrid uZinedine Zidane usezikhiphile ohlwini lwabaqeqeshi okungenzeka bazanywe yiManchester United uma inquma ukuhlukana no-Erik ten Hag kule sizini.
UTen Hag uhlezi ngesinqe esisodwa kuleli qembu noma esayine inkontileka entsha ekupheleni kwesizini edlule. Ukudliwa yiLiverpool ngo 3-0 e-Old Trafford kuphakamise imibuzo ngoTen Hagb osenyakeni wakhe wesithathu kwi-United. Ubeshaywa wumkhaya wakhe u-Arne Slot okwisizini yakhe yokuqala kwiPremier League okwenze abaningi bazibuza ukuthi ngabe liyaphi leli qembu ngaphansi kwakhe.
Inkinga ebhekene ne-United nokho wukuthi ngathi abaqeqeshi abaphambili abazimisele ngokuyijoyina njengamanje. Ngemuva komdlalo weLiverpool kusabalale izindaba zokuthi yachitha wuThomas Tuchel ngesikhathi imeshela kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uyehlukana neBayern Munich, eqashe uVincent Kompany.
UZidane, oke wakhonjwa kwi-United eminyakeni edlule, usephumele obala ngokumenza angawufisi lo msebenzi njengamanje:
“Angiziboni ngiya kwiManchester United njengamanje ngoba angisikhulumi isiNgisi. Ngiyasiqonda, kodwa angisikhulumi ngishibilike. Ngiyazi kunabaqeqeshi abathatha umsebenzi ngisho bengalukhulumi ulimi olukhunywa ezweni abazosebenza kulo, mina ngisebenza ngendlela ehlukile.”