PHUMELELE NXUMALO

UMA kukhulunywa ngamathoyizi okuzithokozisa ngokocansi into yokuqala eyaye ifike emqondweni wabantu abaningi wukuthi osebenzisa lokhu usuke ephethwe yinkanuko noma ungumuntu ongakwazi ukuzithiba. Yize kunjalo, ongoti bakubona ngelinye iso ukusetshenziswa kwamathoyizi ocansi.

Ongoti baveza ukuthi ukusebenzisa amathoyizi ocansi kuvuselela imizwa kwelekelele nasekufikiseni kuvuthondaba okuyinto engavamile ukwenzeka kwabanye abantu. UDr. Chris Donaghue ongungoti kwezocansi nezobudlelwano uveza ukuthi, iningi labantu besilisa liyaye lizizwe linengcindezi uma lizokwenza ucansi. Uthi, le ngcindezi ihambisana nokufuna ukushaya into ecokeme enkonzweni yasekamelweni, kanti ukusebenzisa amathoyizi nophathina wakho kuba wusizo olukhulu ekufezekiseni lokhu.

“Abantu abake basebenzise amathoyizi ocansi babika ukweneliseka okukhulu ngempilo yabo yocansi, okufaka nokufika kuvuthondaba. Labo abazithokozisa ngokocansi njalo ngesonto bavamise ukuzizwa kahle ngendlela ababukeka ngayo nangemizimba yabo kunalabo abangazithokozisi. Amathoyizi ocansi asiza ukuthi uyazi yonke imigudu yomzimba wakho ekwenza ushiselwe yigazi, okukwenza ube nesipho sokwazi ukuthi yini ekwenza uzizwe kahle,” kusho uDonaghue.

Ongoti baphinde baveze ukuthi ukusetshenziswa kwamathoyizi ocansi akusizi nje kuphela ngokufikisa kuvuthondaba kodwa enye yezinzuzo okuza nakho ukwehlika kwezinga lengcindezi. Amathoyizi ocansi asiza ekukhiqizeni ama-endorphins nedopamine engqondweni nasemzimbeni okungamahormones angasizi nje kuphela ngokwehlisa ingcindezi kodwa asiza nasekulaleni kahle.

UDr Stephanie de Giorgio ecashunwa kwiPatient Info uthi, amathoyizi ocansi elekelela igazi ukuthi lihambe kahle emzimbeni. Uqhuba aveze ukuthi lamathoyizi aba wusizo kakhulu nakwabesifazane asebebadala ngoba avuselela imizwa, aphinde athambise izinyama zesitho sangasese ezivamise ukuqina bese kuba buhlungu uma bezimbandakanya ocansini.

“Kunobufakazi bokuthi ukusebenzisa islim vibrator kanye noketshezi lokuthambisa (lubricant) kungasiza ukuhambisa igazi liyofika esithweni sangasese kowesifazane,” kusho uDe Giorgio.

Ziningi izinhlobo zamathoyizi ocansi kanti ezinye zazo yiVibrator (ithoyizi elingqangqazelayo), dildo (elimise okwesitho sowesilisa sangasese), anal toys (elifakwa ezinqeni), sleeves (elimise okweshubhu kanti lifakwa ngowesilisa uma ezithokozisa), penis rings (elimise okweringi eligqokiswa isitho sowesilisa) kanye namanye amaningi.