Sekungenelele nophiko loKlebe (Hawks) odabeni oluthinta unobuhle ohoxe kuMiss SA uChidimma Adetshina okusolakala ukuthi wabhaliswa njengesakhamuzi sakuleli ngendlela ewumgunyathi.

UMnyango wezaseKhaya utshele iPhalamende ukuthi kunezizathu ezikhomba ugcobho nobugebengu ngowesifazane owabhalisa uChidimma njengesakhamuzi sakuleli.

Uyise kaChidimma naye uyaphenywa njengoba kuvela ukuthi wayenesandla ekubhalisweni kwakhe. 

U-Advocate Constance Moitse, ophethe ithimba elilwisana nenkohlakalo, utshele iPhalamende ukuthi ubufakazi butholakale ezibhedlela nakumafayela oMnyango. Namafayela oMasipala bahlukene ayakhombisa ukuthi kutshontshwe umazisi womunye umuntu wesifazane ukuze kwenziwe lobugebengu.

Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, uMnyango wafonela unina kaChidimma owayengalubambi ucingo. UMnyango uvakashele ikheli likanina kaChidimma kodwa wangatholakala khona. 

UMoitse uthi uMnyango usubatholile abasebenzi abathathu ababhalisa uChidimma ehhovisini eliseGoli. Omunye wabasebenzi sewashona, ababili bayaphenywa ngokuthinteka kulolugcobho. 

Bobabili abasebenzi baseyingxenye yoMnyango. 

UMoitse uthi amarekhodi oMnyango ayaveza ukuthi owesifazane owatshontshelwa umazisi wayebhaliswe ngonyaka ka-1982 njengesakhamuzi sakuleli. 

Lowesifazane wayebhaliswe eTshwane esanda kuzalwa. Wafaka isicelo sikamazisi ngo-1995.

“Esebuyela kuMnyango wezaseKhaya, lowesifazane watshelwa ukuthi umazisi wakhe wakhishwa eGoli ehhovisini ayengakaze afake kulo isicelo. 

“Lowesifazane wazala ingane ngo-2001, waphikelela kuMnyango wezaseKhaya efuna ukuyibhalisa. Wathola ukuthi kunengane eyayivele isibhaliswe ngenombolo yakhe kamazisi. Igama lengane leyo uChidimma Vanessa Onwe Adetshina. 

“Lowesifazane wahlala izinyanga elinde umazisi omusha onezinombolo ezishintshiwe. Amafayela oMnyango akhombisa imininingwane yowesifazane owayefake isicelo sikamazisi, amaphepha kanina ka-Adetshina awatholakalanga,” kubeka uMoitse.