UMholi weDemocratic Alliance (DA) uJohn Steenhuisen uthi uhulumeni omusha (GNU) uzobavulela amathuba okudoba amavoti kubantu abekade bengalinakile iqembu ngaphambilini.

USteenhuisen unguNgqongqoshe wezoLimo kuHulumeni omusha. 

USteenhuisen uthi sekuyisikhathi sokufundisa abantu ukuthi iDA ayikhathalele uhlobo thizeni lwabantu njengoba iyingxenye kweGNU.

LoMholi ubekhuluma emhlanganweni wekomidi leDA ngaphambi kokhetho lokuchibiyela eWard 92, eTshwane.

“Sizithweswe ijoka lokukhuphula izinga lemfundo ezikoleni zabantu abamnyama abahluphekayo. Sizoqala ngokuqeda ngamathoyilethe omgodi. Sifuna abantu bangalovi emsebenzini ngoba befuna ukuyobamba olayini abade eMnyangweni wezaseKhaya. 

“Lezinto zibalulekile kithi. IDA inethuba elikhulu lokudoba amavoti ezindaweni ezintsha ebesingazinakile ngaphambilini. Sibambisene namanye amaqembu, abantu bayayibona imisebenzi yeDA. Ngibona ithuba lokuphosa iso ezindaweni ebezinganakiwe ukuze iqembu lizodlondlobala eminyakeni ezayo,” kusho uSteenhuisen ecashunwa abeSABC News.

IDA ilale isibili okhethweni lukazwelonke ngoMeyi, Ilandela eduzane i-African National Congress (ANC) ethole u-40% wamavoti.