Londiwe MthethwaÂ
Idlule nemiphefumulo emibili ingozi eyenzeke Kwa-Swayimane eMgungundlovu, lapho imoto iphoseke eweni.
UNkkz Anastasia Shabalala no Nksz Lona Madlala obengumfundi kamatikuletsheni.
Kuthiwa bebehamba bobabili ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, nembangela yokuba lemoto iyophoseka eweni ayikakwaziwa
Umphathiswa Wokuhlaliswa kwabantu nezokuthutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma uqinisekise ngalengozi izolo, kwajutshwa nethimba lezimo eziphuthumayo nendiza enophephela emhlane ukuthungatha imoto nokitakulwa kwezidumbu.
Ubuholi boMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu kanye noboMkhandlu wasekhaya uMshwathi okubalwa kubo uSekela Meya uKhansela S Dlamini-Mabaso, uMeya woMkhandlu wasekhaya uKhansela M Zondi, uSomlomo woMkhandlu uMgungundlovu, uKhansela S Gabela, nobuholi bendabuko bahambe nomphakathi wesizwe saManyosi ukuyobhonga emswaneni kuyo lemindeni elahlekelwe besho ngazwi linye ukuthi kwangathi imindeni ingabopheka manxeba.

USomlomo woMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu uKhansela Nonhlanhla Gabela nozwakalise ukudangala okukhulu esilandisa ngalesehlo ubike ukuthi, “sebebonga nje ukutholakala kwamathambo alomama nentombazanyana yakwaMadlala emvakokuba uphiko lokuqala kanye nabenzinhlekelele eMkhandlwini wesiFunda uMgungundlovu bezidelile balala khona ehlanzeni emadwaleni kusuka izolo kuyiSabatha bezama ukutakula lomama nalentombazanyana nabagcine bephumelelile ukukwenza ngeSonto.
Khonamanjalo, kulimale izingane zesikole ezingu-9 ngesikhathi kuginqika iveni emgwa u Dr Chota Motala khona eMgungundlovu namhlanje ekuseni.
Kulimale kanzima ezintathu kwathi abayisithupha bathola imihhuzukwana nje, kanti Imbangela yengozi ayikaziwa.