Londiwe Mthethwa
Ufuna ubulungiswa umndeni wakwaMkhize eHarding, kwaMeyi, ngokubulawa kwendodakazi yawo okusolwa ukuthi yagwazwa kabuhlungu yisoka layo maqede lacela empunzini, labe selibathumela imiqhafazo lichaza futhi lixolisa.
UZukiswa Mkhize kuthiwa wabulawa ngomhla wezi 22 June kulonyaka, okusolwa ukuthi wabulawa ngowayethandana naye uSniko Sibhayi waseMzimkhulu (osesithombeni) othungathwa amaphoyisa.
Umfowabo kaZukiswa, uZipho Mkhize, uthi njengomndeni bathukuthele bagane unwabu futhi bafuna ubulungiswa ngokubulawa kukadadewabo.
Ekhuluma neZindaba247, uveze ama-screenshot ezingxoxo nomsolwa lapho aphumela khona obala ngokubulala uZukiswa, waveza nokuthi kwakwenzenjani kuze kufike lapho.
Enkulumweni yakhe umsolwa ubhale kanje; “Ngiqale ngokubingelela kumndeni wakwa Mkhize, izihlobo kanye nabangani. Ngiyazi niyadinga ukwazi ukuthi kwenzakalani ngendodakazi yenu uZukiswa ngaleya mini,”
Uthi wayengahlosile ukumbulala uZukiswa futhi wayemthanda ngenhliziyo yakhe yonke, noma babenezinkinga njengabo bonke abantu abathandanayo kodwa ukumbulala kwakungasiyo inhloso yakhe.
Ngosuku lwesigameko uthi kwakumele babonane ebusuku ngabo-9 njengenjwayelo.
“Ngathi ngiya nje estolo ngezwa kuthiwa intombi yami ibihamba no Thabo, kuyothengwa iwayini ngezikhathi zabo 5-6 ntambama, angizange nginake ngoba ngangithi vele sizobonana makuhlwa, ebusuku ngase ngyahamba ngiya endlini ngageza, ngabuka iTV, makushaya o 9 ngasuka ke ngithi ngiyomlanda njengenjwayelo ,” kusho uMsolwa.
Eqhuba wabhala wathi mayefika nje ngakubo wabona ukuthi akukhanyisiwe ugesi okuyinto engajwayelekile.
Uthi walinda ezitshela ukuthi uzophuma kodwa kwanhlangazimuka nomoya, emuva kwalokho uthi wasondela wangena ngaphakathi egcekeni walunguza efasteleni egumbini lakhe kodwa kwakungekho muntu futhi namawindi ayevuliwe okwabalula ukuthi akhanyise ifoni abone ukuba akunamuntu ngaphakathi.
“Ayi ngiphume ngiphinde estolo ngime ngizwe umsindo kuboka Thabo owumakhelwane wakhe ngithi angiye khona, mangikhuphuka nje ngibone uThabo, uSanele Kanye no Thabiso, ngibuze kuThabo ukuthi uphi UZukiswa , avele angihleke athi uphelezelwe u’Wawa’ egoduka,” echaza.
Uthi ngesikhathi etshelwa konke lokhu wayesevele ethuthumela ulaka, wabashiya khona lapho wanikela Kubo ka ‘Wawa’ ukubheka ukuthi ukhona na, kodwa wafika kukhala ibhungane.
Emuva kokuba eye kubo kwa Wawa, waphindela endlini yakhe ngethemba lokuthi mhlawumbe bagejene endleleni kodwa nakhona azange wamufica nokuyilapho athatha khona isinqumo sokuphinda ayobhekisisa kwa Wawa kodwa wangabathola, lapho ke waphindela kwa Zukiswa efuna ukugculisa inhliziyo yakhe.
“Into engayinaka ukuthi isango elingena abantu lalivulwe gengelezi, nokuyilapho kwangicacela khona ukuba bakhona la futhi bandawonye.
“Ngingene ngizwe abantu abakhulumayo, mangithi ngiyabheka kukhiyiwe ngaphandle kodwa kunabantu abakhulumayo ngizibuze ukuthi pho bangene kanjani.
“Ngavele nganyakazisa ingidi kakhulu, mangithi ngiyabheka kuvuleka ifastela livulwa uWawa nokwathi mayengibona wakha phansi ngejubane wabaleka,”
Uthi ngesikhathi kwenzeka konke lokhu wayethukuthele eveva, wangena ngalo ifastela aphume ngalo uWawa lona.
Wathi mayengena wazithela kuZukiswa elele phezu kombhede ezimboze ngengubo enqunu nokwadala enkulu intukuthelo kuye.
“Emuva kwalapho ngaqala ngamshaya ngolabhabha wezimpama, ngicasukile ngibona ukuthi kudlaliwe ngami futhi ngiphoxekile.
“Ngaqhubeka ngamshaya, ngathatha ummese owawusetafuleni ngamgwaza ngawo ngiphindelela, ngezwa ngaye esekhala ethi ngimlimazile mangithi ngiyabheka izandla zami zigcwele igazi,”
“Sengibona inhlekelele engiyenzile ngamehlisa embhedeni ngamubeka phansi ngaxolisa,” kubeka Umsolwa
Icala livuliwe emaphoyiseni ngaloludaba, kanti kulindwe kutholakale umsolwa osagcwele izinkalo ukuze liqhubeke icala.
Khonamanjalo, kunombhalo osezinkundleni zokuxhumana okusolwa ukuthi ngowomsolwa obhalwe ngo-8 August kuFacebook. Kuwo ubeka kanje:
