Umnsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese, usedalule ukuthi ibalelwa ngaphezulu kuka-R50,000 imali yomnikelo ebhikiswe kumkhulu owashiselwa umuzi ngesikhathi ephelezele umzukulu wakhe owayethweswa iziqu Ongoye.
Kwi-247 sike sabika ngodaba lukaMandisa Mnguni waseSikhaleni (eSikhawini) injabulo yakhe eyaphenduka usizi ethola izindaba zokuthi sekushiswe umuzi kamkhulu wakhe ngoba ephelezele yena.
Wabhala ngalolu daba ekhasini lakhe kuFacebook kwathinteka abaningi, bagcina sebecela imininingwano yakhe yasebhange ukuze kulekelelwe umkhulu alungise umuzi uma usengalungiseka noma kuqalwe umsebenzi wokwakhiwa komunye.
“Manje ngoba imali isisukile kuMandisa, sekuthengwe imaterial yokwakha, ngicela ukunazisa ukuthi siqoqe imali engaphezulu kukaR50,000 ukuze kwakhiwe kabusha umuzi kamkhulu.
“Ukwakhiwa kabusha kuzoqala uma sekuphothulwa uphenyo…ngicela ukunibonga nonke ngokunikela, ngiyanicela ningadinwa yimina uma ngicela ngelinye ilanga. Inkosi inibusise futhi ngizoqhubeika nginazise ngokuthi kuhamba kanjani odabeni lomuzi. Abanikelile sengathi bengathola inqwaba yezibusiso.”