Umqeqeshi weKaizer Chiefs uzwakalise ukunengeka ngokuhlale ekhala ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe phambi kwepali athi kuphinde kwabaphuthisela ngamaphuzu amathathu emdlalweni wabo neTS Galaxy ngoMgqibelo.
Umdlalo waMakhosi neThe Rockers ugcine uphele ngo 1-1 iChiefs kade ihamba phambili. Kulo mdlalo iChiefs iqhubeke egiyeni layo lokugeja njengoba uGlody Lilepo noGaston Sirino beyeke uqekelele wamathuba.
IChiefs isihluleke ukunqoba emidlalweni emine kulandelana manje kwiBetway Premiership kanti abukeka eseshabalala amathuba okuqeda kwitop 4.
“Amathuba esiwatholile siwathole ngokubafakela ingcindezi. Yinto ebesisebenze phezu kwayo ngaphambi komdlalo futhi bekusesebenzela kodwa sengikhathele ukuphinda into eyodwa ngamathuba esiwagejayo,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Bekufanele sikore amagoli angaphezulu kwelilodwa – ngokungakwenzi lokho sinikeze iTS Galaxy ithuba lokubuya lapho siyazi bayakwazi ukusebenzisa ama-set piece. Sizamile ukwenza izinguquko, ngeshwa sidedele igoli kwi-corner.”
IKaizer Chiefs izobhekana neMamelodi Sundowns ngeSonto kwisemifinal yeNedbank Cup. Uma inqoba lo mdlalo izozibeka ethubeni elihle lokuqeda ishobolo leminyaka ewu-10 inganqobe lutho.