Isikhulu seSwallows FC, uDavid Mogashoa, sesiveze ukuthi bangamamukela ngezandla ezivulekile kwiDube Birds uNjabulo Ngcono uma iKaizer Chiefs ingazimisele ngokumgcina ngesizini ezayo.

UNgcobo ujoyine iChiefs esuka kwiSwallows ngesizini ka-2021/2022 kodwa izinto azimhambeli kahle kuMakhosi nakuba ebesabizwa esikwatini seBafana ngesizini edlule. Kule sizini izinto zibhede kakhulu ngaphansi kuka-Arthur Zwane okuphele isizini esebenzisa uSiyabonga Ngezana no-Edmilson Dove emuva.

UNgcobo ugcine edlale imidlalo ewu-15 kuphela kwiDStv Premiership kule sizini.

UMogashoa uthi bazimisele ukuxoxisana neChiefs ngalo mdlali uma izomfaka ohlwini lwabadlali abazodayiswa.

“Ngiphoxekile kakhulu ngendlela izinto ezimhambele ngayo kwiChiefs, ngiyacabanga ukuthi naya akagculisekile,” kusho uMogashoa engxoxweni noShakes Rampedi.

“Anginankinga nokukhuluma neChiefs uma ihlela ukumdedela, ngizimisele ngokumsayinisa. Ngihlale ngitshela abantu ukuthi ingcindezi yokudlalela iSwallows ayifani nengcindezi yokudlalela iChiefs. KwiChiefs wenza iphutha elilodwa ungene emabhukwini amabi. KwiChiefs nePirates kunzima ukubuya uma wenze iphutha…”