Isikhulu esiphezulu seSuperSport United, uStanley Matthews, sesiphumele obala ngesifiso sokusayinisa umdlali weKaizer Chiefs, uPhathutshedzo Nange.
UNange ufike kwiChiefs esuka kwiStellenbosch FC ngesizini ka-2021/2022. Kungenzeka ukuthi uGavin Hunt ocele ukulandelwa lo mdlali ukuze aqinise isisu sakhe ngaphambi kwesizini ka-2023/2024 kwazise wayesebenza naye kwiBidvest Wits ngesizini ka-2019/2020.
UNange ubelizwa ngendaba ijezi kwiChieffs kule sizini njengoba edlale imidlalo emithathu isizini yonke. Ngesizini edlule udlale imidlalo ewu-24 wavelela amagoli amabili.
Ekhuluma neSoccer Laduma ngalo mdlali, uMatthews ukuqinisekisile ukuthi bamfuna kumaSpartans.
“Ngidinga ukwazi inani lakhe ngoba kwesinye isikhathi kuthiwa singamthola mahhala, babuye bajike bathi akesekho mahhala. Uma uNange ewumdlali esingamthola mahhala, singaxoxisana naye sivumelana naye ngoba uwumdlali esingathanda umsayinisa.
“UGavin useke wasebenza naye phambilini, uyamthanda. Ngeke kodwa sikwazi ukumholela imali esondele kule ayiholayo njengamanje, nama-agents akhe ayakwazi lokho. Ngibanikeze isikhathi ukuthi bacabange, kodwa neChiefs asangayelula inkontileka yakhe. Akuyona ingxoxo esiye kude ngoba uma bemgcina ngeke sikwazi ukumthenga futhi ngeke sikwazi ukusebenzisa abanye abadlali umsayinisa.”
UMatthews uthe ngisho ngabe kuthiwa bayahamba abadlali ababolekiwe, uSiphesihle Ndlivu noGrant Margeman, akukho abangakwenza uma iChiefs iyelula inkontileka kaNange.