UMengameli weSAFA uDanny Jordaan usecele usizo lwezezimali kubaxhasi abasakaza imidlalo yakuleli kumabonakude uSuperSport TV (MultiChoice) mayelana nokufakwa kweVideo Assistant Referee (VAR) kwiBetway Premiership nakweminye imiqhudelwano.

UJordaan uthi loluhlelo luzodla ephaketheni, kuzodingeka izimali ezishisiwe ukuze ludlulele phambili. 

Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kweBetway njengabaxhasi bePremiership abasha ngesonto eledlule, uSihlalo wePSL uDr Irvin Khoza wamemezela ukuthi iligi yayizimisele ngokuhlola iVAR ngo-2022 kodwa izinhlelo zabanjezelwa yiSAFA.

“Sisebenzisana ndawonye nePSL mayelana nokufakwa kweVAR. Sekuphele imihlangano emithathu sixoxisana, inkinga ukuthi sifuna kungenelele nesiteshi sikamabonakude,” kubeka uJordaan ekhuluma emcimbini wokwethulwa kweKay Motsepe Schools Championship eSandton ngoMsombuluko.

“Kubalulekile ukusebenzisana nesiteshi esisakaza kumabonakude, kwayona iVAR isebenza ngomabonakude. Angeke ufake uhlelo lweVAR uma bengekho abasakazi bamabonakude. Kufanele siyibheke yonke imidlalo, sikhulume nesiteshi sikamabonakude, siqinisekise ukuthi bazokwazi ukuthwebula zonke izigameko emdlalweni.

“Kusadingeka sivumelane ngemali. Uhlelo lweVAR luzodla ephaketheni, kuyaphoqa silungise kwezezimali kuqala.”

UJordaan ubalule nenkinga yezezimali kwizingqinamba ezibambezele iVAR. 

“Sizodlulela odabeni lwezezimali uma isiteshi esisakaza kumabonakude sivuma ukusebenzisana nathi. IPSL (Betway Premiership) ikhombisa imidlalo engaphezulu kuka-200 ngonyaka.

“IVAR idla u-R70 000 ngomdlalo owodwa, siyaphoqeleka ukwenza izibalo ngaphambi kokudlulela phambili. Kufanele sivumelano ngemali ngoba iVAR idinga siyivivele kahle. Akufuneki iphazamiseke uma isifikile,” kusho uJordaan.

Isizini entsha izoqala kulempelasonto njengoba kuzovula amaquarterfinals eMTN8.

I-Orlando Pirates izokwamukela iSuperSport United ngoMgqibelo, kulandele iStellenbosch ezobhekana neTS Galaxy eDanie Craven Stadium ngeSonto.

IBetway Premiership izoqala ngomhlaka 14 kuSepthemba. Umqhudelwano weKay Motsepe Schools uzoqala ngomhlaka 23 uphele zingu-28 kuSepthemba nonyaka.