Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson useshayele ihlombe abaphathi beqembu ngendlela abaxazulule ngayo udaba lukanozinti u-Itumeleng Khune.
IChiefs ikhiphe isitatimende ekuqaleni kwesonto icacisa ukuthi uKhune umisiwe ekuzibandakanyeni neqembu kulandela uphenyo ngezinsolo eziqondene nokufika ejimini edle amanzi amponjwana. IChiefs yaqinisekisa nokuthi uKhune uphucwe nebhande likakapteni.
Yize bekunomsindo ngodaba lukaKhune, iGlamour Boys igcine inqobe ngo 1-0 ibhekene nePolokwane City koweligi ngoMgqibelo.
Yize ebongele abaphathi ngesisombululo kuloludaba, uJohnson udalule nokuthi akekho umuntu ongenalo iphutha.
“Kufanele bashayelwe ihlombe abaphathi beqembu ngendlela abaxazulule ngayo loludaba ngoba u-Itu ubaluleke kakhulu eqenjini. Sikwazile nokubeka phansi umoya wabadlali, baqonda isimo esingaphansi kwaso.
Akekho umuntu ongenalo iphutha, kufanele kwaziwe lokho. Noma kungenzeka ini komdlali wethu, kuyadingeka singamehluleli ngoba akekho umuntu omsulwa. Into eyenzeke kuKhune ingenzeka nakomunye umdlali.
Asikho msulwa singabantu. Sibonga ithuba lokusebenzela inkampani enkulu njengeKaizer Chiefs ekwaziyo ukukusiza umuntu esenkingeni.
Ngibonga kakhulu uma iqembu liqinisekisa ukuthi lizokusiza. Leliqembu liphethwe abantu okufanele bazibandakanye noMengameli bamanye amazwe,” kuchaza uJohnson ekhuluma nabezindaba.