Ukugejwa kwamagoli abebukeka elula kushiye umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro eshodelwa yizimpendulo ngemuva komdlalo weligi nePolokwane City.
IBucs iphinde yalahla amaphuzu ibanjwa omakoti iRise and Shine ngo 1-1 e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu.
Kuyiwe ekhefini iBucs ihamba phambili ngegoli likaPatrick Maswanganyi. IPolokwane ibuye ngegoli likaGiven Mashikinya sekusele imizuzu engu-18 kuphele umdlalo.
URiveiro uthi balahle amaphuzu amathathu ngesikhathi bengenelwa yigoli.
“Umdlalo ubunzima. Sihlulekile ukuvikela igoli esilithole kanzima. ICity ishaye igoli elisizumile. Angijabule ngephuzu kodwa akukho osekungashintsha manje,” kubeka uRiveiro ecashunwa abeSuperSport TV.
Lomqeqeshi uthi akathenekile amandla ngenxa yomphumela.
“Umdlalo webhola angeke uwuqagele. Angeke ngivume ukuthi ngicasukile. Sikwazile ukukhanda amanye amathuba kodwa sahluleka ukuwaqedela.
Sihlulekile ukushayela isipikili sokugcina. Bekufanele basijezise esiwombeni sokuqala ngesikhathi besihlasela ngokuzumisa.
Abadlali bakhombise izimpawu zokukhathala sekusele uhhafu wehora kuphele umdlalo. IPolokwane ishaye igoli ngethuba elilodwa elivulekile. Bona bajabule ngomphumela, thina sicasukile,” kusho uRiveiro.