Umqeqeshi weGolden Arrows uMabhudi Khenyeza utusa ukuqina kwesikwati nokuzikhandla kwabadlali ejimini njengesizathu esibakhuphulele izinga kule sizini njengoba besahleli endaweni yesibili kwiligi.
UKhenyeza uqondise inkulumo yakhe kumgadli uKnox Mutizwa oshaye amagoli amabili behlula iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weDSTV Premiership eMpumalanga Stadium ngoMgqibelo.
UMutizwa ubelizwa ngendaba ijezi selokhu kuqale lesizini. Ushaye igoli emdlalweni wakhe wokuqala beshaya iCape Town City ngo 3-1 kwiCarling Knockout emasontweni amabili adlule.
Abafana Bes’thende bebewina umdlalo wesithupha kwiligi ngemuva kwemidlalo engu-9.
“Sidlala ngokubumbana. Igoli esilishayile likhombisa ukuthi siyakwazi ukutholana enkundleni. Ibhola lisuke kuNduduzo Sibiya, latholwa umgadli.
Akekho umdlali ongcono ukudlula omunye. Abadlali basezingeni elifanayo. UMutizwa unesikhathi eside engadlali kodwa ukhombise ukulilambela ithuba ngesikhathi enikezwa ijezi.
Washaya igoli emdlalweni odlule, lokho kwasikhombisa ukuthi kufanele adlaliswe kweminye imidlalo. Namuhla usishayele amagoli amabili,” kuchaza uKhenyeza ecashunwa abeSuperSport TV.
I-Arrows ayiyazi induku kusukela yanenebulwa yiMamelodi Sundowns ngomhlaka 15 ku-Agasti.
UKhenyeza ucele abadlali ukuthi baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla.
“Angeke uyinqobe yonke imidlalo ebholeni. Kuzokwenzeka sibhekane nezingqinamba kodwa umsebenzi wethu ulula. Angifuni siphenduke iqembu elingasatshwa kulesizini.
Ngifuna sibe yiqembu elimelana nobunzima. Akumele sibone amanye amaqembu engcono kunathi.
Kuyasiza ukuqhubeka namalungiselelo ejimini, singanaki amanye amaqembu. Sizoyinqoba imidlalo ezayo,” kubeka uKhenyeza.