Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson uthi uhlalelwe umsebenzi wokulungisa amaphutha nokutatazela kwabadlali akubone emdlalweni weDSTV Premiership behlulwa yiGolden Arrows ngo 2-1 eMpumalanga Stadium.
UJohnson ubehola iqembu okokuqala kusukela ebanjiswe isikhundla ngoMsombuluko.
Umgadli we-Arrows uKnox Mutizwa uvalele enethini amagoli amabili ngokwehlukana kwezithombe. USifiso Hlanti ushaye igoli leChiefs egeje inqwaba yamathuba emdlalweni.
UJohnson uthi ukutatazela kwabadlali kudalwa ukugqoza kwemiphumela.
“Ngibona kufanele sehlise umoya. Imiphumela yemidlalo edlule ifakele abadlali itwetwe. Kunzima ukuthatha izinqumo ezilungile uma sesisondele ebhokisini lezitha.
“Abadlali bakhombisa ukwesaba, kuyaphoqa ukuyolungisa amaphutha,” kuchaza uJohnson ekhuluma nabeSuperSport TV.
UJohnson uthi akabekelwanga umbandela kwiGlamour Boys kodwa uhlela ukubuyisa ibhola elijwayele ukudlalwa yiqembu.
“Imiphumela izolandela uma sizodlala ibhola leChiefs. Akukho okulindelwe kimi. Iqembu lethu lingakwazi ukubhaxabula amanye.
“Kuyenzeka iqembu lidlule ebunzimeni bokugqoza kwemiphumela. Kufanele silungise imiqondo yabadlali, inkinga iqhamuka lapho,” kuchaza uJohnson.