Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi sebenolwazi olwanele ngeZamalek ukuyifaka induku ngesonto elizayo kumlenze wesbili weCAF Confederation Cup quarterfinal.
IStellies neZamalek babambane ngo 0-0 emlenzeni wokuqala izolo, okuyinto uBarker ajabule ngayo ngoba abadedelanga goli.
Bazobhekana emlenzeni wesibili eCairo International Stadium ngoLwesithathu ngo-18:00.
“Inhloso yethu bekuwukuqinisekisa ukuthi siya emlenzeni wesibili bengakasigqibi. Ukungalidedeli igoli kuzofaka iZamalek ngaphansi kwengcindezi,” kusho uBarker ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi uma sihlela kahle ngokolwazi esesinalo, kumele siqinisekise ukuthi sishaya igoli ekuhambeni.”
Uma umdlalo uphela ngo 1-1 eCairo, iStellies izodlulela phambili ngomthetho we-away goal.
UBarker uqhube washayela iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ihlombe ngokunqoba kwimidlalo abebeyidlala kwiCAF Champions League wathi ubafisela inhlanhla.