Umqeqeshi weGhana B, ehlanganiswa ngabadlali abadlala kwiligi yaseGhana kuphela, uKassim Mingle Ocansey, uthi noma bekwazile ukumelana namaqhinga eBafana Bafana, uyibona izoba yingozi kumaqembu azoyizela ngobuso kwi-AFCON.

IBafana ishaye iGhana B ngoswazi oluncane izolo iyiginqa ngo 1-0 eDobsonville Stadium ngegoli elivalelwe wuSipho Mbule esiwombeni sesibili.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uzwakalise ukungenami ngezinga abalikhombisile kulo mdlalo, kodwa o-Ocansey uthi nakanjani iBafana ifunde okuningi emdlalweni wayizolo okuzolungiswa ingakaqali i-AFCON.

“Ngesikhathi sihlelela lo mdlalo, sibeke amaqhinga ngendlela esizovala ngayo iBafana Bafana futhi asebenze kahle kakhulu,” kusho u-Ocansey.

“Lo mdlalo ubasizile ukuthi babone babuthaka kuphi ukuze bezokulungisa ingaqali i-AFCON lokho.

“Sikwazile ukubavala, nabadlali bethu bebezimisele. Lokho akushintshi lutho ngeBafana Bafana kodwa, iyiqembu elihle. Uma amaqhinga akho ungawahlelile kahle, ingabukisa ngawe. Ayilona iqembu elibi.

“Ngakolwethu uhlangothi, besinamasonto amathathu ukulungiselela umdlalo. Yiqembu elisha leli futhi ligcwele abadlali abasadlala imidlalo yeligi. Uma beqeda ukuziqeqesha namaqembu abo, bebehlanganyela nathi, bese bephinde bebuyela emaqenjini abo.

“Kodwa ngijabule ngendlela esidlale ngayo futhi ngiyayibongela iNingizimu Afrika ngokuwina; ngiyifisela inhlanhla kwi-AFCON.”