Owayengumgadli weMamelodi Sundowns uSandile ‘AK47’ Ndlovu usola uHugo Broos ngokubiza abagadli ababili kuphela esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwi-AFCON ukuze agqishe abadlali ‘abathandayo’.
UBroos wamangaza abaningi ebiza u-Evidence Makgopa no-Lyle Foster kuphela ngesikhathi ememezela isikwati. Noma kunonombolo 9 ababili kuphela, abanye abadlali ababizwe njengabagadli o-Oswin Appollies, Mohau Nkota, Sipho Mbule, Relebohole Mofokeng, Elias Mokwana, Shandre Campbell noTshepang Moremi.
Ngokubona kukaNdlovu, uBroos wenze iphutha elikhulu ngokubiza onombolo 9 ababili kuphela.
“I-AFCON wumqhudelwano omkhulu, awukwazi ukuya kuwo nabagadli ababili ngoba kulula ukuthi abadlali balimale noma bathole amakhadi,” kusho uNdlovu engxoxweni neKickOff.
“Sikhuluma nge-AFCON ovumelekile ukuba nesikwati sabadlali abawu-25 kuyo. Ungabiza abagadli abahlanu uma uthanda. Lokhu kusho ukuthi uncamele ukugcwalisa kwezinye izindawo kunokubiza abagadli abanele.
“Kuyasihlaza njengeNingizimu Afrika ukuthi siya kumqhudelwano omkhulu kangaka nabagadli ababili. UBroos wenza umsebenzi omuhle futhi siyamthanda kodwa manje kukhona angasakwenzi kahle. Uthatha amashansi ngalesi senzo futhi ngikholwa wukuthi ukwenze ngoba efuna ukubiza abadlali abathandayo abangebona abagadli.”
UNdlovu uqhube wathi akakuqondi ukuthi usale kanjani u-Iqraam Rayners ngoba unamagoli amaningi kunoMakgopa futhi ujwayele ukuba yingozi ebhokisini.