Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi amaqhinga akhe amphoqe ukuthi aqalise uKaylan Swart kuno-Adnile Dlamini emapalini emdlalweni wezakhe neSweden kwiFIFA Women’s World Cup.
Isinqumo sika-Ellis sithuse abaningi ngempelasonto njengoba bekucacela ngisho ingane encane ukuthi uSwart uthwala kanzima kumabhola aphezulu afakwa ebhokisini, ikakhulukazi kuma-corner.
Abaningi bakholwa wukuthi iBanyana yayizobuya namaphuzu aphelele ukube kwaqala uDlamini, ungekho mubi kumabhola asemoyeni. Ngaphezulu kwalokho, uDlamini washaya ingcwenga kwi-Women’s Africa Cup of Nations okwenza abaningi bakholwe wukuthi yindawo yakhe unombolo 1.
“Abantu abakhali ngoKaylan kuphela, abanye bakhuluma ngoNoko [ukuthi kwakufanele aqale], kodwa ngabona sidinga umuntu ongakwazi nje ukumaka kuphela kodwa okwazi ukubhalansisa izinto, akwazi nokungena nebhola esiswini. UBongeka wadlala kahle kakhulu…” kuchaza u-Ellis.
“UKaylan ngikhethe ukumqalisa ngoba besidinga unozinti okwazi ukukhahlela ibhola. Ezikhawini eziningi indlela akhahlela ngayo ibhola isisizile.”