Umengameli weBayern Munich uHerbet Hainer usephumele obala ngesifiso sokusayinisa umgadli weTottenham Hotspur, uHarry Kane.
UKane kuvale isizini ekhonjwa kwiMan United noma kwiReal Madrid, kodwa sekuvele neBayern kumaqembu azimisele ngokumsayinisa.
Ekhuluma ngalo mdlali uHainer uveze ukuthi akadingwa nje iBayern kuphela, kodwa iBundesliga iyamdinga umdlali odume njengoKane.
“KwiBundesliga asisenabo abadlali abadumile emhlabeni,” kusho uHainer engxoxgxweni nephephabhuku laseGermany, iKicker.
“IBayern ihlale izama ukuletha abadlali abadumile. UHarry Kane wumdlali esimfunayo, uwukapteni we-England futhi unamagoli. Angasisiza, neBundesliga ingakuthokozela ukuba nomdlali onjengaye.”
Khonamanjalo, umnikazi weSpurs, uJoe Lewis, useyalele usihlalo weqembu uDaniel Levy ukuthi amdayise uKane uma engayisayini inkontileka entsha.
ISpurs kuthiwa ifuna u-£100m kofuna ukuthenga lo mgadli.