I-Orlando Pirates isimemezele uKarim Kimvuidi njengomdlali wayo omusha. Lo mdlali bekulindeleke ukuthi aye phesheya kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi kunamaqembu amfunayo kwiMajor League Soccer (MLS).

Noma ibishaya udaka ngesizini edlule iMaritzburg, uKimvuidi ungomunye wabadlali abambalwa abebeyishubisa kuleli qembu. Ushaye ama-assist amane isizini yonke, neyodwa kuma-playoff.

Izolo iPirates imemezele uLesedi Kapinga njengomdlali wayo omusha. Abanye abadlali abathengwe yiPirates kuleli windi: Katlego Otladisa, Melusi Buthelezi, Patrick Maswangwanyi.