Ilungu lebhodi le-Eskom eliphinde libe yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (BLSA) uNksz Busisiwe Mavuso, lithi aliyizwa eyokuthethiswa okwengane uma liphendula ngezinkinga ezibhekene ne-Eskom. 

Ngeledlule uKaMavuso uvele kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana eqophisana nelungu le-IFP ePhalamende eliyisikhulu sekomidi elibhekelela ukusebenza kwamabhizinisi kahulumeni uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ezama ukuchaza ukuthi izinkinga ezibhekene ne-Eskom zidalwe wuhulumeni oholwa yi-ANC. UHlengwa wayengafuni nokuyizwa leyo ethi ibhodi le-Eskom alingazifaki kwezepolitiki kodwa aliphendule imibuzo ebhekiswe kulo ngezinto ezadingidwa ngo-2019 ezithinta iMedupi neKusile. 

UKaMavuso wagcina ewushiyile lo mhlangano ngokomyalelo kaHlengwa owathi uzobhalela iphalamende ngokuziphatha kwakhe phambi kwamakhamera. 

Ekhuluma nomsakazo i-702 ngalolu daba ngemuva kokuxoshwa emhlanganweni, ubeke kanje: 

“Ayikho indlela engingaphendula ngayo imibuzo ethinta iMedupi neKusile ngaphandle kokubheka umlando, ngakho abantu akumele babuze imibuzo bengakulindele ukuzwa izimpendulo,” kusho uKaMavaso.

“Ngeke ngiphendulwe sengathi ngiyingane eneminyaka ewu-12 egangile, ngisho ingane yami eneminyaka ewu-10 angikhulumi nayo ngaleya ndlela. Angihlali ebhodini le-Eskom njengomuntu othunywe yi-ANC njengoba wayesho. Sibekwe njengabantu abazimele ukuqinisekisa ukuthi sihlinzeka abaphathi base-Eskom ngolwazi lwethu,” kusho yena.

Uthe isikhulu esiphezulu șase-Eskom u-Andre De Ruyter wayephethe umqulu wamaphepha ayephendula amaphuzu awu-23 ikomidi alalizobuza ngawo.

Uthe balazisa ikomidi ukuthi iziteshi ezintsha eziphehla ugesi zizobe sezikulungele ukusebenza ngo-2023 futhi namanje basamile kulokho.

“Uma sihluleka ukwenza lokho ngo-2023 sesingabuzwa ke siphendule ngokuhluleka kwethu,” kuphetha yena.

Eziphendulela uHlengwa uthe ngeke aphikisane noKaMavuso emphakathini kodwa uzoqhubeka enze umsebenzi wakhe. Uthe ngesikhathi behlangana bebefuna izimpendulo ngezincomo eziwu-23 abaziphakamisa, baphendule kweziwu-9 kuphela.

Uthe ngesikhathi bevakashela iKusile bathola ukuthi empeleni lesi siteshi sesizoqedwa ngo-2024. Uthe akakuphiki ukuthi i-ANC iyathinteka ezinkingeni ezibhekene ne-Eskom kodwa kumele aphendule imibuzo ngezinto ezenzeka manje.