“Eminyakeni engu-28 selokhu kwaphatha uhulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika, nezakhamuzi zakuleli ziphila ngaphansi kwenkululeko,” kusho uMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesithathu.
URamaphosa ubethula inkulumo eMiddelburg, eMpumalanga, lapho bekugujwa khona usuku lwenkululeko.
UMengameli ukhulume ngempumelelo kaHulumeni ophethwe uKhongolose kusukela aqala ukubusa izwe ngo-1994. Uthe uHulumeni uziguqulile zaba ngcono izimpilo zabantu.
“Ngaphansi kukaHulumeni wentando yeningi, abantu ababalelwa ku-81% bahlala ezindlini ezihloniphekile. Abantu abaningi bathola amanzi anempilo kanye nogesi. KuHulumeni wentando yeningi, imfundo nokunakekelwa kwezempilo kutholwa yibo bonke abantu bakuleli.
Bangaphezulu kuka-96% abafundi ezikoleni abavunywa iminyaka. Enye ingxenye yabafundi ayikhokhi ezikoleni zamabanga aphansi. Bakhona nabafundi asebengene ezikhungweni zemfundo ephakeme ngaphandle kokukhokha, lokhu bekungenzeki eminyakeni eyedlule,” kubeka uRamaphosa.
URamaphosa uthe iMpumalanga iyafana nezinye izifundazwe ngoba iyindawo enomlando ekulwisaneni nohulumeni wobandlululo.
“Asibungazi usuku lwenkululeko ngoba sifuna ukubambelela ezintweni zakudala. Silugubha ngoba sifuna ukuzikhumbuza ukuthi siyizwe elixolelayo neliphokophelele ukuya phambili. Namuhla, isifundazwe saseMpumalanga kanye nezinye isifundazwe ziphila ngaphansi kwenkululeko,” kusho uRamaphosa.
UMengameli ube esedlulisa umyalezo oqondene nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, ubugebengu nenkohlakalo.
“Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukusetshenzisaa kwezidakamizwa kanye nezinye izinkinga kudlangile emiphakathini yethu. Ukunyuka kwezinga lobugebengu nodlame kubulala imiphakathi yethu. Singalwisana ngobugebengu uma sisebenzisana nemindeni, imiphakathi nabaholi emiphakathini eyahlukene,” kubeka uMengameli.
UMengameli ube esedlulisa umyalezo oqondene nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, ubugebengu nenkohlakalo.
“Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukusetshenzisaa kwezidakamizwa kanye nezinye izinkinga kudlangile emiphakathini yethu. Ukunyuka kwezinga lobugebengu nodlame kubulala imiphakathi yethu. Singalwisana ngobugebengu uma sisebenzisana nemindeni, imiphakathi nabaholi emiphakathini eyahlukene,” kubeka uMengameli.
Uphinde wakhuza imibhikisho elwisana nabantu bokufika kuleli. Lemibhikisho ishiye kumanaphanapha ezindaweni eqale kuzona.
“Sibhekene nengwadla yodlame olubhekiswe kobhuti nosisi bethu bakwamanye amazwe ase-Afrika. Sesibonile kwenzeka ezindaweni eziningi ezweni, kusiphatha kabi.”
Funds are being made available to address the immediate needs of communities affected in KwaZulu-Natal. pic.twitter.com/ozw1fhAE9h
— Cyril Ramaphosa 🇿🇦 (@CyrilRamaphosa) April 15, 2022
Uvumile ukuthi ukuhlala kwabantu bokufika kuleli kuphazamisa umnotho nesimo senhlalo futhi lezinkinga kufanele zilungiswe ngokushesha.
“Angeke sivumelane nokubhebhethekiswa kodlame. Kubantu ababalekele udlame emazweni akubo nalabo abahlala kuleli ngokusemthethweni, sizobasiza sibamukele eNingizimu Afrika. Ukulwisana nenhlupheko, izinga labantu abangasebenzi nokungalingani kwabantu kuyizinto ezibalulekile kuHulumeni.”