Kulindeleke ukuthi aqale ukwethula ubufakazi namhlanje ufakazi wokuqala ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa owadutshulwa wabulawa eGoli ngo-2014.
Ngeledlule abasolwa abahlanu okungoMuzi Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube, Mthokoziseni Ziphozonke Maphisa noSifisokuhle Ntuli, bavele eNkantolo eNkulu eTshwane, bonke bathi bamsulwa kuleli cala.
Ngesikhathi bevela, uMbuso wandlalelal inkantolo ubufakazi ebuqukethe ngokunjalo nofakazi abazovela, abanye babo okuzomele bavikelwe. Abasolwa babhekene necala kokubulala, elokuzama ukubulala, elokuphanga kuhlonyiwe, elokuphatha izibhamu ngaphandle kwemvume nelokubanjwa nezihlamvu ezingekho emthethweni.
Khonamanjalo, inhloko yabashushisi kwi-AfriForum u-Adv Gerrie Nel usamile ekutheni ukubulawa kukaMeyiwa kwakungelona iphutha, kunalokho kwakuhleliwe. Ngokubona kwakhe ulindele ukuthi iNPA ibophe osolwa ngokuba wungqondongqondo ekubulaweni kukaMeyiwa.
“Kuzocaca maduze uma seliqhubeka icala. Mhlawumbe ngeke kuvele ngesonto lokuqala kodwa uma sesihamba isikhathi kuzovela ukuthi kwahlelwa ukubulawa kwakhe,” kusho uNel.
“Okwamanje uMbuso ukhethe ukubhekana nabantu abaqashwa ukwenza icala, ngokuhamba kwesikhathi uma kuqoqwa obunye ubufakazi ngiyacabanga ukuthi uzolandela unqgondongqondo,” usho kanje ekhuluma nomsakazo i-702 ngoLwesihlanu ekuseni.
Akagcina lapho uNel uthe bayazi ukuthi ubani futhi sebekudingidile namaphoyisa kanye neNPA.