Umqeqeshi we-Al Ahly, uMarcel Koller, usezwakalise ukungenami ngokushoda kukaPercy Tau ohlwini lwabadlali ahlasela ngabo, ukhala ngobuthuntu babanye abadlali phambi kwepali eqenjini lakhe.

UKoller uveze lokho ngemuva kokubambana ngo 1-1 neCeramica Cleopatra okwenze iZamalek yabasusa kunombolo 1 kwi-log ye-Egyptian Premier League.

“Siqale ngoShadi Hussein phambili, kodwa umoshe inqwaba yamathuba,” kusho uKoller ngemuva komdlalo.

“Ngiqoka umgadli ozodlala ngokwendlela adlala ngayo uma siziqeqesha nangokushaya amagoli. Abakangichazi oMuhammad Sharif, Hossam Hassan noShadi Hussein selokhe iqalile isizini.

“Ngike ngazama uPercy Tau phambili ngenxa yalokhu. Lo mdlali waseNingizimu Afrika ubeza kahle, kodwa walimala. Simkhumbule njengoba engekho emdlalweni, osekusifake enkingeni.”

UTau, osevalele amagoli amabili emdlalweni emihlanu kule sizini, kulindeleke ukuthi abuye ekulimaleni ngasekupheleni kukaJanuary.