Isidlulile emhlabeni inkakha yaseBrazil ebibizwa ngenkosi yebhola, uPele, kulandela ukuhlala isikhathi esingaphezulu kwamasonto amane esibhedlela.
UPele ungeniswe esibhedlela ngenyanga edlule exinwe yisifo somdlavuza. Indodakazi yakhe, uKely Nascimento, iqinisekise izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni izolo ebusuku ezinkundleni zokuxhumana.
“Konke esiyikho kungenxa yakho. Siyakuthanda kakhulu. Ulale ngokuthula,” kusho uKely.

Ukudlula kukaPele emhlabeni kulandelwe yimiyalezo yenduduzo neyokukhumbula le nkakha ezinkundleni zokuxhumana njengoba kushaye uLwesihlanu ekuseni igama lakhe li-trenda kunombolo 1 kuTwitter emhlabeni.
UPele uzakhele igama ebholeni ngokufika nemijiko eyayingaziwa nokuvalela inqwaba yamagoli. Unqobe amaWorld Cup amathathu neBrazil. Eyokuqala wayinqoba eneminyaka ewu-17 ngo-1958, wanqoba eyesibili eChile ngo-1962, wathatha eyokugcina ngo-1970 eMexico.
Emlandweni wakhe edlala ibhola uvalele amagoli awu-1 282 emdlalweni ewu-1 366.
Umdlali wePSG neBrazil, uNeymar Jnr, ubhale kanje ehlonipha uPele:
“Ngaphambi kuka-Pele, unombolo 10 kwakuyinombolo nje. Ngingasho futhi nokuthi ngaphambi kukaPele, ibhola kwakuwumdlalo nje. UPele wakushintsha konke lokho, waphendula ibhola laba wubuciko, into enandisayo.
“Wanikeza abahlwempu nabantu bohlanga izwi, futhi wagqamisa iBrazil. Ibhola neBrazil kukhule ngenx yenkosi! Usehambile kodwa umlingo wakhe usele nathi.”