Sanele Dlamini

Owayengumlingisi weGenerations (le yakudala eyayimnandi) nakwiYizo Yizo uSthandiwe Kgoroge ukufanise nokuba sempini ukuphathwa yigciwane esilihaqe abantu abangaphezulu kuka-300 000 eMzansi, iCovid-19.

Lo mlingisi ekhasini lakhe kwi-Instagram uveze ukuthi usululeme ngokuphelele ngemuva kokuzivalela izinsuku eziwu-14.

“Ngiphumile enkundleni yempi (iyimpi lento!) futhi ngizophilela ukuxoxa ngayo. Umusa wakhe unqabile nami,” kubhala uSthandiwe.

Lo mlingisi obalwa nabalingisi abaphambili kuleli wadalula ukuthi usuleleke ngeCovid-19 ngoJulayi 5 kanti lokho kwamphoqa ukuthi azivalele njengokomyalelo wodokotela. Ubonge abantu ngemikhuleko athe Ibimqinisa.

“Anazi ukuthi uthandO lwelaphana kangakani. Indlela entsha yokunazisa ukuthi ngiyanithanda ukunifisela ukuthi niphephe. Ngiyabonga! #StaySafe.”

Omunye umlingisi ophumele obala ngokuphathwa yileli gciwane nguKhaya Dladla owayelingisa kuZalo izolo oveze ukuthi ubeqeda izinsuku eziwu-14 ezivalele.

Umrepha u-AKA nomlingisi weSibaya u-Enhle Mbali ngabanye bosaziwayo bakuleli abasanda kuphumela obala ngokuhaqwa yileli gciwane.