Sphamandla Gumede
Akaziboni ephazanyiswa yilabo abamgxeka ngomsebenzi wakhe wezobuciko uNaledi Zondi ongumsunguli webhizinisi iNaledi Art elilokhu likhule njalo kulomkhakha.
Lentokazi edabuka eMarianhill, ePinetown isungule leli bhizinisi lezobuciko iNaledi Art ngo-2019 ngenhloso yokuba igxile ngokuphelele kulomkhakha.
UNaledi (26) uthi uqale ukuthanda ezobuciko esafunda emabangeni aphansi esikoleni nokuyilapho egqugquzelwe khona abazali bakhe ukuba aqinise kuleli khono. UNaledi waqala ngokwenza izingubo zokugqoka kanye nezakhiwo zezikeshi esakhula.
Uthando lwakhe lwezobuciko lumholele ekutheni angene ezifundweni zezobuciko kwa-grade 10 ePinetown Girls High. Isinqumo sikaNaledi saba esihle kakhulu ngoba wagcina esewina indondo yezifundo zezobuciko ngesikhathi esefunda umatric.
“Ngangenela imincintiswano eminingi yezobuciko esikoleni futhi njalo ngangiphuma kubafundi abayisihlanu abashaye into ecokeme. Ngangithanda izifundo zezobuciko esikoleni futhi lokho kwangenza ngabona isiphiwo sami kulomkhakha,” kuchaza uNaledi.
View this post on InstagramA post shared by naledi_art (@naledi_art) on
UNaledi akakwazanga ukuqhubeka nezifundo zobuciko esikhungweni sezemfundo ephakeme ngenxa yokushoda kwemali yezifundo. Lentokazi iphothule izifundo zeDiploma kwiRetail Management enyuvesi iDurban University of Technology. Uhlomule ngomfundaze esengaphakathi enyuvesi wave eseqhubeka neB Tech yeRetail Management.
View this post on InstagramA post shared by naledi_art (@naledi_art) on
Eqhuba ngomsebenzi, uthe kwamjabulisa ukukhangisa kwiBusiness Fair yango-2019.
“Angikaze ngithole amathuba amaningi okuthi ngikhombise ngomsebenzi wami kodwa ngajabula ngesikhathi ngikhangisa kwiBusiness Fair ngonyaka ka-2019. Nganqiqala ukuzobonisa ngomsebenzi wami iNaledi Art ngingedwa, futhi ngathola ukwesekwa okukhulu. Lokho kwangigqugquzela ukuba ngisebenze kanzima ukufeza amaphupho ami,” kuchaza uNaledi.
UNaledi uthi ukulungele ukugxekwa ngomsebenzi wakhe njengoba esemusha kwezobuciko kodwa lokho kuzomkhulisa kakhulu.
Umsebenzi walentokazi uyatholakala kulamakhasi abhalwe ngezansi:
nalediart.simplesite.com
(Instagram – @naledi_art) / (Twitter – naledi_art)
(Facebook – Naledi Zondi and naledi art)
Gmail – nalediiam1@gmail.com / info.nalediart@gmail.com
Inomboll yocingo: 065 838 1532