Sanele Dlamini
Umrepha wesifazane cishe osehlale isikhathi eside kunabo bonke abanye abayimbokodo kwiHip Hop kuleli, uNadia Nakia isimumi emphinjeni eyokushaywa ngesithende emcimbini yokuklomelisa amaciko.
UNadia wesekwe ngumphathi wakhe ngaphansi kweFamily Tree, uCassper Nyovest, othe uma eqhathanisa i-albhamu yakhe neyabantu abangene emnxeni yeHip Hop kumaSouth African Music Awards bekumele angene noma kowadwa lo mrepha.
Emnxeni weBest Hip Hop Album kuqhathwe uBig Zulu, K.O, Yanga Chief, DJ Sliqe noYoungsta CPT. Uma sikhuluma iqiniso nje anzima onke ama-albhamu akhishwe yilawa maciko futhi nawo kungaba nemibuzo ngokungakhethwa kwawo. Ephawula kulolu daba uNadia nokho ubhale wathi: “Lalela, i-albhamu yami imnandi….sengihlale isikhathe esanele kule ndima ukwazi ukuthi azithi shu izindondo…”
UCassper naye ubhale kuTwitter ezwakalisa ukungenami kwakhe ngokuvalelwa ngaphandle kukaNadia.
Nadia Nakai shoulda been nominated for Best Hip Hop album at the Samas. I don’t know if it’s cause she a female or what but she dropped a great body of work and looking at the albums that made it, she atleast deserved a nomination. My 2 cents.— R.M Phoolo (@casspernyovest) July 16, 2020