Intatheli Yezemidlalo

Liyandlondlobala emhlabeni wezemidlalo igama lomdlali weTennis waseCape Town, uLloyd Harris, kulandela ukushaya into ecokeme kwi-ATP 500 Dubai Open lapho adliwe khona kowamanqamu ebhekene no-Aslan Karatsev, ongomunye wabadlali abaphambili beTennis emhlabeni.

Kuleli sonto uLloyd Harris ubekwe kunombolo 52 ohlwini lwabadlali besilisa abahamba phambili kwiTennis emhlabeni. Okokuqala lo mdlali edlula inkakha yeTennis yaseNingizimu Afrika uKevin Anderson, okuchaza ukuthi njengamanje uyena mdlali ohamba phambili kuleli.

Lo mdlali unqobe imidlalo eyisikhombisa kweyisishiyagalombili eDubai ukuze afinyelele okokuqala kowamanqamu.

UHarris emnyakeni edlule igama lakhe like lavela enqobela iNingizimu Afrika iDavis Cup waphinde wazakhela udumo enqoba iset eyodwa ebhekene noLionel Messi weTennis, uRoger Federer, ngesikhathi betholene phezulu kwiWimbledon eminyakeni emibili edlule.

Ngemuva kokuhlungela ukungena kumqhudelwano eDubai uHarris utitinye umdlali ohleli esicongweni ohlwini lwabadlali abaphambili emhlabeni uDominic Thiem. Ube esedlulela komunye umdlali owayekunombolo-5 emhlabeni uKei Nishikori nomdlali osafufusa waseCanada uDenis Shapalov, nabo wabafaka induku.