Sphamandla Gumede
Unozinti uRonwen Williams uvumelana nomqeqeshi wakhe uMolefi Ntseki ngodaba lwabadlali baphesheya abavinjelwe ukujoyina iBafana Bafana njengoba izobhekana neGhana kanye neSudan emidlalweni yokuhlungela i-AFCON 2022 kulelisonto.
Amaqembu ase-Europe anqabile ukudedela uZungu (Rangers), Dolly (Montpelier), Furman (Carlisle United) noSerero (Al Jazira), okuyinto ephazamise izinhlelo zikaNtseki. “Siphoxekile ngamasosha asale ngemuva, kodwa abadlali abafikile kumele baqhube umsebenzi. Angeke kube lula kodwa isikhathi sincane phakathi kwalemidlalo yomibili. Amalungiselelo kudala aqala. Ithimba labaqeqeshi lasithumela imininingwane kudala. Siyakwazi okumele sikwenze, siyazi iGhana idlala kanjani. Kumele thina baholi sisize abadlali abasha,” kuchaza uWilliam obekhuluma nezintatheli.
Okujabulisayo ukuthi iGhana nayo isemkhumbini ofanayo njengoba kunabadlali abangekho ngesizathu sokuthi kusasabalele igciwane le-covid-19. UJordan Ayew, Andrew Ayew noThomas Partey angeke balibangise eNingizimu Afrika ngenxa ye-Covid 19 kodwa bazobonakala uma iGhana isitholana neSao Tome ekhaya.
Uma iBafana ihlulwa yiGhana, iphuzu elilodwa uma isidlala neSudan lizokwanela ukuyiweza kwi-AFCON 2022 ezobanjelwa eCameroon. Lonozinti uveze ukuthi iBafana ihlela ukuwina yonke imidlalo. “Ekuqaleni kohambo, umqeqeshi wasibuza ngezinhlelo zethu kuleliqoqo, samchazela ukuthi sifuna ukuwina yonke imidlalo. Konke kusahamba kahle, sifuna ukunqoba yonke imidlalo yasekhaya. Sisanqobe emibili sibhekene (Sao Tome neSudan). Sifuna ukuqhuba lelo rekhodi.