UDJ waseMelika ubusise ngemoto owesilisa waseDududu odume kuTikTok ngama-video edansa, uThe Don Madfunz. UDon kuphinde kwaqoshwa ivideo ngaye khona eDududdu, yeculo elinomrepha uDrake.
Ivideo kaDrake noGordo yengoma ethi ‘Healing’ ephume namhlanje ezintatha kushaye izikhathi zantambama isitrenda kunombolo 10 kuYouTube.
Iveza owesilisa odume ngelika The DON Madfunz (denhlax) kuTikTok, ozakhele udumo ngokushaya amavideo edansa. IDon isinabalandeli abasondele ku-200,000 kule nkundla kanti enye yamavideo yayo inama-views awu-4,2 million.
Echaza ngokumthengela imoto uGordo nangokwenza ivideo eveza yena nomndeni wakhe uthe wabona iprofike yakhe kuTikTok, wachazwa wumculo awudlalayo.
“Ngathintwa kakhulu yindlela adansa ngayo, nangesikhathi eseveza indaba yokuthi uhamba ibanga elide nsuku zonke uma eya emsebenzini ngisho ngabe kuthiwa sinjani isimo sezulu, engakukhathaleli nokuphepha kwakhe. Konke ukwenzela umndeni wakhe,” kuchaza yena.
“Ubenephupho lokuthi ngelinye ilanga kuyophela ukuyishaya kancane ngezinyawo ekuseni, akwazi ukuba nemoto azoya ngayo emsebenzini. Bengicabanga ngephupho lakhe ngesikhathi ngicabanga ngemusic video ye-Healing.”
Uthi wathinta umngani wakhe uTheo Skudra, baqoka ukwenza ivideo belandela uDon eDududu, ukukhombisa abantu ukuthi uba nosuku olunjani. Ekupheleni kwevideo bambusisa ngemoto, okuyinto ethinte abaningi.
Uthe ukubone kumfanele ukuthi ambusise ngale moto ngoba uDon uwumuntu ohlale ekhombisa ukuzikhululekela nokujabula noma ebedlula esimeni esinzima.
Ivideo: