Ukhala ngebhadi elimlandelayo umculi we-Afro Pop uLindokuhle “Intaba yaseDubai” Msomi othi ube sengozini yemoto ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mculi uthi ubesendleleni ebheke eGoli ngesikhathi elimala engozini, waphelela esibhedlela.
“Kubukeka sengathi ngizochitha usuku lwami lokuzalwa esibhedlela. Uma ngisaphila nje…[ngehlelwe yingozi] ngishayela ngibhekie eGoli izolo ebusuku,” kubhala Intaba ekhasini layo kuFacebook ngoMgqibelo ntambama.
“Leli bhadi elingilandelayo ngeke lingiqede,” kuphetha yena.
Okwamanje asikaziboni izithombe zeNtaba isesibhedlela futhi asikayitholi eminye imininingwano ngokuthi yenzeke kuphi ukuze siqinisekise ukuthi imehlele emaphoyiseni sithole nokuthi bekwenzenjani.
Umculi wowokholo uThinah Zungu ube ngomunye wabadlulise amazwi okumqinisa ethi: “I’m sorry mfethu, sibonga impilo.”
Omunye, uThemba Ngwenya uthe: “Ngeke ugcaluze kaMaskandi ungasitholi isbhaxu”.
UNgwenya uphawula kanjena nje Intaba ixabene noMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele ngomcimbi obizwa ngeBadedele Maskandi Festival, obungoMgqibelo, obuhlelwa yiNtaba.
UMthandeni wabhala kanjena ngalo mcimbi ngo-5 July: “Thina singu #Mthandeni ongagwegwesi sizobe singekho kulelihlathi lomcimbi.
“Isizathu sokuqala nje ukungaveli kwegama lomfana wangakithy u#siminofu. Kuyacaca yisinqa somcimbi esomile lesi.
“Lokho nje kukodwa kungenze ngashaya amakhala ngalento yabo. Kunephunga lekhwapha nonyawo la.
“Zimpisi Ningayi kulento nami angiyi futhi. angikweleti kuchazela muntu iNkosi ayilandi iyanquma finish.”
Lo mcimbi ugcine uqhubekile eMapholoba Lifestyle noma kunenqwaba yamaciko ahoxe ngomzuzu wokugcina.