Sekudalulwe eminye iminingwane ngokuxoshwa kukaRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns okuthiwa yisinqumo esithathwe ngesonto eledlule.

Kulindeleke ukuthi iSundowns imemezele isinqumo sayo ngokuhlukana noRulani noma inini kuleli sonto, okubambezele wukuthi kusavunyelwana ngesinxephezelo salo mqeqeshi njengoba kunqanyulwa inkontileka yakhe.

Ikhuluma ngalolu daba olushicilelwe kuqala yiSABC Sport, intatheli yezemidlalo uVelile Mnyandu iveze ukuthi kasibethusanga isinqumo sabaphathi beDowns njengoba sekunesikhathi kwaziwa ukuthi kabathelelani amanzi uRulani nomqondisi wezemidlalo uFlemming Berg.

“Kubethusile abanye, kodwa thina zintatheli zebhola azisethusi lezi zindaba. Ukungezwani phakathi komqeqeshi nomqondisi wezemidlalo yinto osekunesikhathi ifihliwe. Umqeqeshi akaneme ngabadlali abasayinisiwe nabanye abahambayo,” kuchaza uMnyandu obekhuluma noThabiso Mosia ohlelweni lwakhe kuRadio 2000.

“Ngizwa kuthiwa izinto zishube ngesonto eledlule kwadingeka ukuthi iqembu likhethe phakathi kukaMokwena noBerg. Isibonelo esiseduzane nje sokungaboni ngasolinye phakathi kwabo, ukufunwa kukaKodisang ekubeni umqeqeshi engakholelwa kubadlali abadlala ophondweni. Ngingasho okufanayo nangokufunwa kukaJayden Adams,” kuchaza yena.

NgoLwesibili iqalile ukusabalala imibiko yokuthi iSundowns isezingxoxweni izama ukusayinisa uKodisang kanti u-Adams sekunesikhathi kwaziwa ukuthi uyafunwa ePitoli. Obekungaziwa ukuthi ukufunwa kwakhe kuzosho ukuthi kumele kudedelwe noma oyedwa wabadlali basesiswini…izembe kubukeka likhale kuBongani Zungu njengoba uRulani ephumele obala ngokuthi ubengafuni ahambe.

Ngaphandle kwabadlali, kuthiwa akumsizanga uRulani ukuthi akayinqobanga iCAF Champions League.

“Inkontileka yakhe ikubeka ngokusobala ukuthi kumele anqobe iCAFCL, AFL, isicoco seligi kanye neminye imiqhudelwano emibili. Unqobe isicoco seligi ne-AFL kuphela. Kodwa angiboni ukuthi bekuyisizathu esikhulu lesi. Yizinto ebezisengalungiseka lezi ngoba ubesakwisizini yakhe yokuqala egcwele kwiSundowns. Ubesasalelwe amasizini amabili kwinkontileka yakhe.”

Uthe ngesikhathi sekudingidwa udaba lukaRulani noBerg abaphathi beqembu bagcine begqishe ngakuBerg, kwaqokwa ukuthi akhululwe uMlungisi.

Okunye akuvezile wukuthi uBerg ubengakholelwa kwisitayela sebhola ebesidlaliswa uMokwena sokugcina ibhola.

Irekhodi likaMokwena kwiSundowns: Uqeqeshe imidlalo ewu-91, ewu-60, uhlulwe eyi-9 wadlala ngokulingana kwengu-22.