I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi isihlukene nomdlali obeseyidlalele iminyaka eyisithupha uVincent Pule.

UPule (32) ushiya kwiPirates edlale imidlalo ewu-140.

“Umndeni we-Orlando Pirates udlulisa ukubonga kuVincent ngakho konke akwenzele iqembu. Ubewumdlali omangalisayo esingasoze sakukhohlwa asenzela khona kanye nendlela abeziphethe ngayo,” kusho iPirates esitatimendeni.

Lo mdlali bese kuvele kucacile ukuthi ikusasa lakhe lingase libe kwenye indawo njengoba edlale imidlalo ewu-9 kuphela ngesizini edlule. Ngesizini ka-2022/23 udlale imidlalo ewu-14, wakora igoli elilodwa.

UPule ukhihliswe ibhentshi wuMonnapule Saleng, kwaphinde kwambhedela kakhulu sekufike intwana uRelebohile Mofokeng eqenjini nabanye abadlali abahlaselayo abangene khaxa kwi-system kaJose Riveiro.