Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates inikeze umdlali wayo olizwa ngendaba ijezi imvume yokuxoxisana nezitha zayo iKaizer Chiefs.

ISABC Sport ibika ukuthi iChiefs isithole imvume yokuxoxisana nomdlali odlala uleft back, uBongani Sam (26) ochithe isizini edlule kwiMoroka Swallows abebolekiswe kuyo.

Ngokombiko uSam sekulindwe ukuthi ahlolwe odokotela basePhefeni, kuvunyelwane ngenkontileka yakhe bese ejoyina iChiefs.

Uma konke kuhamba kahle uSam uzoba yingxenye yesikwati esizohambela eTurkiye ukuyolungiselela isizini entsha.

IChiefs imataniswa nalo mdlali nje idedele umdlali oyibamba kuleft back obesemnkantshubomvu, uSifiso Hlanti.

Uma ejoyina uzobanga ijezi noHappy Mashianen (26) no-Edmilson Dove okusolwa ukuthi uNesraddine Nabi ufuna ukumbuyisela kuleft back.