Intatheli Yezemidlalo

Injini yesisu kwiBaroka FC, uGoodman Mosele uthi kungamahebezi nje ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates, ubengakezwa lutho oluvela kuSihlalo weBakgaga. UMosele (21) ungomunye wabadlali abancane abashaya into ecokeme kwiDSTV Premiership kulesizini.

Ekupheleni kwesizini ka-2019/20, uMosele uhlabane ngendondo yomdlali omncane ovelele kwiPSL. IPirates ingelinye lamaqembu amataniswa nalomdlali. UMosele ukuphikile ukuthi uzojoyina amaBhakaniya uma kuqala isizini entsha.

“Amahebezi lawo. Angikaze ngizwe lutho oluvela kuSihlalo weqembu noma imenenja yami,” kuchaza uMosele ecashunwa yiDaily Sun. Elinye iqembu ebelimataniswa noMosele yiKaizer Chiefs ematasa ibumba iqembu langesizini ezayo.

Lomdlali uthi kuyamjabulisa ukumataniswa namaqembu amakhulu eNingizimu Afrika kodwa akajahile ukuya kuwo. “Kuyinto enhle ukumataniswa namaqembu amakhulu. Akusiyo into engiyifake ekhanda, ngijabule lana. Uma uSihlalo ebona kufanele ukuthi ngidayiswe, ngizohamba,” kubeka uMosele. Lomdlali usedlale imidlalo engu-18 kwiDSTV Premiership kulesizini, waphinde wanikezwa nebhande likakapteni amahlandla ambalwa. Kuyimanje usekhempini yesikwati sika-Under 23 ebanjelwe eThekwini.