Obengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro useveze ukuthi uzobe ehlala nonkosikazi wakhe e-Egypt ngoba yizwe alithandayo, okungenye yezinto edale ukuthi amukele umsebenzi kwi-Al Ahly.

URiveiro ushiye iBucs ngaphambi kokuphela kwesizini edlule sekucacile ukuthi Ezimnyama ngeke zisayiphazamisa iMamelodi Sundowns kwisicoco seligi. Wayesevele ememezelile ukuthi uyahamba kwiBucs ekupheleni kwesizini, abaningi baveza ukuthi uhanjiswa wukuthi usekhumbule umndeni wake eSpain. Sekucacile ukuthi bekuyiqiniso lokho njengoba lo mqeqeshi eveze ukuthi enye yezinto emhehe ngeGibhithe wukuthi yizwe elithandwa wumfazi wakhe.

“Nginenkosikazi, nengane yentombazane eneminyaka eyisithupha,” kusho umqeqeshi omusha we-Al Ahly.

“Ngijabule uyingxenye yempilo Yami futhi ngijabule uzothola ithuba lokuhlala eGibhithe. Yindawo ayithandayo, namasiko akhona, futhi ubaba wakhe wayesebenza kulelizwe.”

Inkulumo kaRiveiro ingaphinde ithathe ngokuthi kusho ukuthi ubengayithanidisisi iNingizimu Afrika unkosikazi wakhe.

Khonamanjalo, iPirates namanje isathungatha umqeqeshi omusha ozopheka iqembu kusukela ngesizini ezayo. Ngokwamaziko ezindaba ahlukene kubaqeqeshi iBucs ekhuluma nabo kubalwa uRulani Mokwena, Pablo Franco Martin, Manqoba Mngqithi, Pitso Mosimane no-Abdeslam Ouaddou osindise iMarumo Gallants ezembeni.