Umdlali weLiverpool ovutha engabaselwe kule sizini, uMoh Salah, uthi uncamela ukubhekana nompetha beLaLiga iReal Madrid kuneManchester City kowamanqamu e-UEFA Champions League.
ILiverpool idlulele kowamanqumu ishaya iVillareal ngo 3-2 (agg 5-2) ngoLwesibili ebusuku. NgoLwesithathu ebusuku iReal Madrid, esinqobe lo mncintiswano izikhawu eziwu-12, izobhekana neManchester City. Emlenzeni wokuqala amaCitizens anqoba ngo 4-3, okuchaza ukuthi azoya enkundleni yeMadrid ehleli ngesinqe esisodwa.
Ekhuluma ngemuva kokunqoba kwezakhe uSalah uthe ufuna iMadrid esitikini.
“Uma ngikhuluma iqiniso nje ngifuna sibhekane neMadrid,” kusho uSalah ekhuluma neBT Sport. “IMan City iyiqembu elinzima, sesidlalile nayo kule sizini. Ngingancamela ukubhekana neMadrid. Yasishaya kowamanqumu kuqala, ngifuna siphinde sibhekane nayo futhi ngiyethemba sizoyishaya kulokhu.”
Lo mdlali uphinde wadalula ukuthi akaneme ngamagoli akhe awu-30 kuyo yonke imincintiswano kule sizini. Uthe ubefuna ukuvalela amagoli awu-40 kule sizini, ngakho usazogxila ekuzameni ukuwavalela njengoba sekusele imidlalo embalwa kule sizini.
Ngaphandle kwamathuba okubhekana neCity kowamanqamu, iLiverpool isembangweni wesicoco seligi naleli qembu kwiPremier League.