Sekuphinde kwavela enye inkakha ye-Al Ahly egxeka umsebenzi yomqeqeshi weqembu ovela eNingizimu Afrika, uPitso Mosimane.
I-Al Ahly isihluleke ukubuya namaphuzu aphelele emdlalweni emithathu edlule yeligi. Emdlalweni wokugcina idlale ngokulingana neCeramica Cleopatra.
I-Al Ahly isele ngamaphuzu awu-8 kwizitha zayo iZamalek, enqobe isicoco seligi ngamaphuzu amane ngesizini edlule. Noma inemidlalo emthathu esandleni i-Al Ahly, iyanda ingcindezi kuMosimane ukuthi aguqule izinto ngokushesha kwazise leli qembu kulindeleke ukuthi linqobe wonke umdlalo.
Kulokhu uMosimane usegxekwe wu-Ahmed Koshary kwiwebsite yezemidlalo eGibhithe iKingFut, omsola ngokudlalisa ibhola elibi kanye nokufaka abadlali athi akumele ngabe badlalela i-Al Ahly.
“Angiliqondi ibhola elidlaliswe wuMosimane sibhekene neCeramic Cleopatra. Kuyabonakala ukuthi abdalali bakhathele, kuyo yonke imidlalo kunabadlali abalimalayo. Abadlali abakhombisi ubumbano, okuyinto esiyijwayele kwi-Al Ahly. Abanye abadlali abaqalayo akumele ngabe bayayidlalela. Njengamanje siyazifanela neqembu elincane,” kusho uKoshary odlalele leli qembu phakathi kuka-1995 no-1999.
Muva nje uMosimane usanda kushunqela intatheli eyayimbuza ngabadlali abaqokayo abagejayo waze wathi mhlawumbe kumele afake yona intatheli ngokuzayo enkundleni.