Intatheli yezemidlalo

Ucabanga ukulahla ithawula ebholeni lakuleli alibangise ekhaya eZimbabwe umdlali weKaizer Chiefs okungenzeka achithwe uWillard Katsande.

UKatsande uzophelelwa yitoho kwiChiefs uma kushaya umhlaka 30 kuJuni inkontileka yakhe ingavuseleliwe. Alokhu evele njalo amahebezi okuthi lomdlali kungenzeka adedelwe mahhala njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJuni.

Umthombo okhulume nabePhaaakathi uveze ukuthi lomdlali uphukile emoyeni ucabanga ukubuyela ekhaya ayozama emkhakheni wezokucula.

“Umoya wakhe uhlukumezekile, ubengazi ukuthi izinsuku zakhe zokugcina zizophela sekunjena. Ubezitshela ukuthi uzohamba eNaturena ephelezelwe njengeqhawe. Ubona sengathi bayamxosha. Ucabanga ukubuyela ekhaya eZimbabwe uma kuphela isizini. Ubecabanga ukuyongena emkhakheni wokucula kwazise uwuthanda kakhulu.

Ngokombiko wePhakaaathi, uKatsande ufunwa yiStellenbosch yaseKapa.

UKatsande ufike kwiChiefs ngo-2011, wawina izicoco zeligi ezimbili eqeqeshwa nguStuart Baxter. Kulesizini ijezi ulizwa ngendaba njengoba umqeqeshi uGavin Hunt engamdlalisi, kunalokho encamela ukusebenzisa abadlali abasuka kwinkulisa yeqembu.