Umgadli weKaizer Chiefs osekwisizini yakhe yesibili kuMakhosi, u-Ashley Du Preez, uthi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyanda isibalo samagoli awavalelayo kwiPSL.

UDu Preez usakore kanye emidlalweni eyisithupha kwiDStv Premiership kule sizini. Ugeje Ithuba elihle ngempelasonto ngesikhathi iChiefs iwashiswa umjezi kwiMTN8.

Lo mdlali ugculisekile ngendlela abadlala ngayo kule sizini kodwa uthi ufuna ukukhuphula izinga.

“Ngibona sengathi ngoba ngisuke ngifuna ukukora, kwesinye isikhathi ngiyajaha…ngizama ukuzifundisa ukungatatazeli ebhokisini. Sonke eqenjini sinesifiso sokunqoba izinto ukuze sijabulise abalandeli…” kusho yena.

UDu Preez uqhube waveza ukuthi kusabuhlungu uma becabanga ngendlela abaphume ngayo kwiMTN8, bencishwa amaphenathi amabili acacile.

Uthe bazoqhubeka bezame ukunqoba okungenani icup eyodwa kule sizini. Sekusele iDStv Prem, Black Label Cup neNedbank Cup.

Ekhuluma ngomdlalo wabo neSekhukhune United oseMoses Mabhida Stadium namhlanje ngo-7.30PM, ubeke kanje:

“Wumdlalo esifuna ukukhombisa kuwo ukuthi siyiqembu elifuna ukuwina yonke imidlalo. Sizokhombisa ukuthi sikulambele kanganani ukuwina. Uma sidlala kahle sonke, sizobuya namaphuzu aphelele.”