Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila uthi ufuna iqembu lakhe lithele induku njengeBrighton & Hove kwiDStv Premiership kulandela ukuginqa iSuperSport United ngoLwesibili.
IChippa United ikhuphukele kunombolo 4 kulandela ukushaya iSuperSport ngo 1-0 eNelson Mandela Bay Stadium. Igoli leChilli Boys livalelwe wu-Elmo Kambindu.
Ekhuluma ngemuva kimdlalo uMammila uncome abadlali bakhe ngokuvala kahle emuva nokulandela amaqhinga abawahlelile ngemuva komdlalo. Uthe ufuna iqembu lakhe lingashayeki kalula kule sizini.
“Engikucele abafami ukuthi nje kumele sibe yiqembu elidedela isibhaxu njengeBrighton yakwiPremier League. Leliya qembu lithi uma iMan United ingafuni ukujaha iMan City, sizoyijaha thina. Sifuna kube nzima ukubhekana nathi kule sizini, ekhaya nasekuhambeni,” kusho uMammila.
Lo mqeqeshi uqhube waveza ukuthi bekumele bayixebule noma ngo 3-0 iSuperSport kodwa basazama ukuyilungisa inkinga yokugeja amathuba.

UMammila ngaphambi komdlalo wayizolo uveze ukuthi balela ukungena kumqhudelwano weCAF ngesizini ezayo.
IChippa isiyoze idlale ngesonto elizayo ngoLwesithathu, izobhekana neMoroka Swallows nayo eyiqale kahle le sizini.